Amagama abhalwe ngokugqamile phakathi kwabakaki abayizikwele akhombisa lokho okushiywe ngaphandle kulo Mthetho omisiwe.
Amagama adwetshelwe ngomugqa ogcwele akhombisa lokho okwengezelwe kulo mthetho omisiwe.
Ngukuchibiyela uMthetho wokuZikhethela ukuKhishwa kweziSu we-1996, ngokwesula izincazelo nokufaka ezinye ; ukunikeza iLunga loMkhandlu Ophethe (ILungu leBandla lesiGungu) amandla okunikeza imvume izindawo lapho kuzokhishwa khona izisu; ukukhulula izindawo ezinikeza usizo lokukhipha izisu ubusuku nemini ukuba zingaphoqeleki ukuba zithole imvume yokwenza lomsebenzi ezimweni ezithile; ukulungiselela ukuqoshwa kolwazi nokuthunyelwa kwezibalo kuNqgongqoshe; ukuvumela ILungu leBandla lesiGungu ukuba amise imithethonkambiso ; kanye nokulungiselela izimfanelo ezihambisana nalokhu.
d Ngokufaka ngemuva kwegama "ukudlwengulwa" lencazelo elandelayo umhlengikazi obhalisiwe' ngumuntu obhaliswe ngaphansi koMthetho wabaHlengikazi we- 1978 (uMthetho ongunombolo- 50 we- 1978) ngemuva koqeqesho olunqunywe ngaphansi kwalo mThetho ;".
j enezicingo zokuxhumana ; kanye k nevunyelwe yiLungu leBandla lesiGungu ngokukhipha isaziso ePhephabhukwini loMbuso.
Ilungu lebandla lesigungu lingahoxisa noma iyiphi imvume ekukhishwe ngaphansi kwesigatshana -1k.
Noma yisiphi isikhungo sezempilo esinikeza usizo lokubelethisa ubusuku nemini amahora angama- 24, futhi esihlangabezanayo nemibandela okukhulunywa ngayo kusigatshana- 1a kuya ku- j, singanikeza futhi usizo lokukhipha isisu kusukela kuhlala isisu kuze kufike emasontweni ayi-12 ngaphandle kokuthi sithole imvume kuLungu leBandla lesiGungu.
ILungu leBandla lesiGungu liyothumela kanye ngonyaka kuNgqongqoshe kaZwelonke izibalo mayelana nezikhungo/izindawo azinike imvume kulowo nyaka.
Ngale kokuphikisana nalokho okushiwo yiloMthetho , uNgqongqoshe kaZwelonke angenza noma imuphi umsebenzi okufanele wenziwe ngILungu leBandla lesiGungu uma kudingekile ukuze kufezeke izinhlosongqangi zalo mThetho.
a gcina amarekhodi emininingwane enqunyiwe ayithole ngokwesigatshana 3; futhi b athumele kumQondisi-Jikelele imininingwane noma ulwazi okukhulunywa ngalo esigabeni- a njalo ezinyangeni eziyisithupha.
[UNgqongqoshe ] ILunga loMkhandlu Ophethe (ILungu leBandla lesiGungu) , ngokuhambisana nemibandela ethile okungenzeka liyimise, lingadlulisa ngokubhaliwe ku [mQondisi-Jikelele ] Inhloko yoMnyango noma isiphi isikhulu esisebenzela uMbuso amandla anikwe [uNgqonqgoshe ] iILungu leBandla lesiGungu ngokwalo mThetho noma ngaphansi kwalo mThetho, ngaphandle kwamandla okukhulunywa ngawo esigabeni -= 9.
) UmQondisi -Jikelele Inhloko yomNyango ngaphansi kwemibandela okungenzeka ayimise, angadlulisela ngokubhaliwe kusikhulu esisebenzela uMbuso amandla anikwe uMqondisi -Jikelele INhloko yoMnyango ngokwalo mThetho noma ngaphansi kwalo mThetho noma anikwe wona ngaphansi kwesigatshana-.
[UNgqonqgoshe noma umQondisi-Jikelele ] ILungu leBandla lesiGungu noma iNhloko yomNyango angeze aphucwa noma imaphi amandla adluliselwe kuyena, kanti angachibiyela noma aguqule isinqumo esenziwe noma imuphi umuntu esebenzisa lawo mandla adluliselwe [kuyena] "kulowo muntu ".
[UNgqongqoshe] ILungu leBandla lesiGungu , ngokubonisana noNgqongqoshe , angenza imithethonkambiso mayelana nanoma yiluphi udaba [angabona] kufanele noma kudingekile ukuba lunqunywe [ukuze kufezwe izinhlosongqangi] ukuze kusetshenziswe ngokuyikho loMthetho.
c ovimbela ukukhishwa kwezisu okusemthethweni noma othikameza ukutholakala noma ukungena ezikhungweni zokukhishwa kwezisu ; noma d okhipha isisu noma avumele ukukhishwa kwesisu endaweni engatholanga imvume ngokwesigaba- 31, uyakuba esenze icala kanti uma elahlwa yicala uyakukhokha inhlawulo noma afakwe ejele iminyaka engevile kweyishumi.
Kuchitshiyelwa umThetho oyinhloko ngokufaka esikhundleni segama elithi "umbelethisi obhalisiwe ", noma yikuphi lapho livela khona, umusho othi "umhlengikazi obhalisiwe ".
Noma iyiphi indawo noma isikhungo esiqokiwe ngaphansi kwesigaba 3 soMthetho oyinhloko ngaphambi kokuqala ukusebenza kwaloMthetho kufanele sithathwe njengesivunyelwe nguNgqongqoshe wesiFundazwe/ iLunga loMkhandlu Ophethe ngokwesigaba -3 (b) soMthetho oyinhloko njengoba uchitshiyelwe yiloMthetho.
f kudingeka iziNhloko zeMinyango yeziFundazwe eziqondene zithumele imininingwane ethile enqunyiwe kuMqondisi-Jikelele woMnyango wezeMpilo ; futhi f kwenziwe kwaba yicala ukuthi noma imuphi umuntu akhiphe isisu ngokungekho emthethweni noma avumele ukukhishwa kwesisu endaweni engavunyelwe noma engagunyaziwe ngokwaloMthetho.
LoMthethosivivinyo ukhishwe eGazethini kahulumeni ukuze umphakathi uphakamise imibono yabo. Ngenxa yokuthi lokhu kuchitshiyelwa akuguquli kakhulu inqubomgomo, umNyango ubhekisise leyo mibono oyitholile.
Ngaphandle kokwanda kwezicelo zokukhishwa kwezisu okulindelekile, okungabangela ukukhula kwemali eyabelwe leso naleso sibhedlela , ukuthinteka kwezimali zombuso okukhulu akulindelekile. Izindleko ezizokwenzeka kufanele zibhekelwe isabelo esijwayelekile esabelwe izikhungo.
Abaluleki bombuso beZomthetho kanye noMnyango wezeMpilo babona ukuthi loMthethosivivinyo kufanele uqhutshwe ngokwenqubo enqunywe esigabeni -76 noma- soMthethsisekelo, ngoba ungena ngaphansi kwemisebenzi ebalwe kuSheduli -4 yoMthethosisekelo , sisho "Usizo lwezeMpilo".


Ukumisa inkambiso eyodwa yokuhambisa ngokomthetho ugesi, igesi ekumapayipi kanye nezimboni zamapayipilayini kaphalafini wamalambu; kanye nokunikeza izindaba eziphathelene kanye nakho.
Inkambiso Yamandla kaZwelonke imiswe ngaloko njengomuntu osemthethweni.
Inkambiso Yamandla iqukethe amalungu amahlanu amiswe nguNgqongqoshe.
UNgqongqoshe kumele akhethe oyedwa wamalungu omiswe ngaphansi kwesigaba esingaphansi kwe-1 njengomgcinisihlalo Wenkambiso Yamandla.
Uma umgcinisihlalo ngesizathu esithile engakwazi ukwenza imisebenzi yakhe, lawa amanye amalungu kumele akhethe omunye umuntu ngaphakathi kwabo ukuthi aphathe njengomgcinisihlalo kuze kube yisikhathi lapho umgcinisihlalo akwazi ukuqalisa ukwenza imisebenzi yakhe noma omunye umgcinisihlalo amiswe nguNgqongqoshe.
b UNgqongqoshe angaphinde aqashe amalungu; kanye c Nokuthi uma ilungu leNkambiso Yamandla liyeka ukubamba isikhundla nganoma yisiphi isizathu, uNgqongqoshe angaqasha omunye umuntu endaweni yakhe esikhathini esisele sokuphatha isikhundla salelo lungu.
Amalungu Enkambiso Yamandla kumele akhokhelelwe ukusebenza kwawo amaholo anje kanye nezibonelelo ngendlela ezobekwa nguNgqongqoshe ngokuvumelana noNgqongqoshe Wezimali.
d enomqondo onokungqubuzana ngokuphathelene nalolu daba.
ngendlela ezokwenza ukuthi kube khona ukufinyeleleka kokulingana okufanele phakathi kokuqhubeka kanye nokwakha ukwazi.
Ilungu akumele nangasiphi isikhathi libe khona ezingxoxweni, zokuthatha isinqumo, noma abambe iqhaza kunoma yiyiphi indaba ngaphambi kweNkambiso Yamandla lapho ilungu noma ashade naye, athandana naye impilo yakhe yonke noma asebenzisana naye anothando olubheke ngqo noma olungaqondile.
Uma ilungu lithola noma licabanga ukuthola uthando esigabeni esingaphansi kwesesi-3 b, leli lungu kumele ngokubhala lisheshe lazise lolu lwazi kuNgqongqoshe kanye Nenkambiso Yamandla.
Uma ashade naye , noma ahlala naye impilo yonke lithola noma licabanga ukuthola uthando esigabeni esingaphansi kwesesi-3 b, leli lungu kumele ngokubhala lisheshe lazise lolu lwazi kuNgqongqoshe kanye Nenkambiso Yamandla.
Ngaphambi kokuqasha ilungu leNkambiso Yamandla, uNgqongqoshe kumele aqaphele ku-Gazethi, isimemezelo sokubizwa kwamalungu omphakathi. Isaziso sokuqala esinje kumele sishicilelwe ngaphambi kokuqala kwalo mThetho.
d Lephula isivumelwano sokwenza umsebenzi ngokulandela lo Mthetho noma umThetho weGesi noma umThetho wamaPayipilayini Kaphalafini Wamalambu; noma e Likhishwa ekubeni yilungu nganoma yisiphi sezizathu ezinikezwe esigabeni-6 1.
UNgqongqoshe angaqeda ukuqashwa kwelungu Kunkambiso Yamandla uma lelo lungu liziphatha ngendlela ephikisana nokulungisela kwesigaba se- 9.
Imihlangano Yenkambiso Yamandla a Inkambiso Yamandla kumele ihlangane ngezikhathi kanye nasendaweni ezowubekwa ngumgcinisihlalo.
b Umgcinisihlalo uzawubiza imihlangano enjena yenkambiso Yamandla uma edingeka ukuze kwenzeke imisebenzi yayo ngemfanelo.
Umgcinisihlalao uzawuthi, lapho ethola isicelo esibhalwe yi-ofisa yesiNgungu enkulu noma amalungu amabili, abize umhlangano ongajwayelekile ozobanjwa emavikini amabili emva kosuku lokuthola isicelo esinje.
Ngaphandle kokuthi ezinye izinqubo zibekiwe, umgcinisihlalo wanoma yimuphi umhlangano Wenkambiso Yamandla kumele aphakamise izinqubo okumele zilandelwe emihlanganweni enjena.
Ikworamu yanoma yimuphi umhlangano wenkambiso Yamandla inani elikhulu lamalungu elinamalungu amathathu akhona.
a Isinqumo samalungu amaningi akhona emhlanganweni siqukethe isinqumo seNkambiso Yamandla.
b Uma amavoti angalingani nganoma yiluphi udaba umuntu ohola umhlangano unevoti lokwengeza ngaphezu kwevoti eliyilungelo lakhe.
Asikho isinqumo esithethwe Yinkambiso Yamandla esingekho emthethweni ngoba yokuba khona kwesikhala Enkambisweni Yamandla noma ngoba omunye umuntu onelungelo lokuhlala njengelungu wahlala njengelungu ngesikhathi ngesikhathi isinqumo sithathwa uma ngabe wonke amanye amalungu ayekhona emhlanganweni futhi anelungelo lokuhlala njengamalungu emhlanganweni ayenza ikworamu futhi nesinqumo sithethwe wubuningi bamalungu akhona futhi anelungelo lokuvota.
I-Ofisa Lesigungu Elikhulu, noma uma engekho umqashwa weNkambiso Yamandla okhethwe yi-Ofisa Lesigungu Elikhulu, uzawungenela yonke imihlangano Yenkambiso Yamandla futhi uzawuba nelungelo lokukhuluma kodwa angavoti emihlanganweni enje.
a Noma yimuphi umhlangano Wenkambiso Yamandla kumele uvumele umphakathi ukuba ube khona ngaphandle kokuthi uma kuzobhungwa ngezimfihlo, noma ulwazi olubucayi lokusebenzisana ngokuhwebelana, ngaloko umuntu othintekayo kumele abonise Inkambiso Yamandla ukuthi ingaluvezi ulwazi olunje emphakathini.
b Uma Inkambiso Yamandla ithatha isinqumo nganoma yiyiphi indlela ngaphandle kwasemhlanganweni osemthethweni, lesi sinqumo sisebenza ngaleso sikhathi kodwa kumelwe sibhalwe, sisayinwe ngamalungu amaningi bese sethulwa ukuze sinotwe emhlanganweni wokuqala osemthethweni Wenkambiso Yamandla ukulandela isinqumo.
c Inkambiso Yamandla kumele ibe nesizathu sokugcina amarekhodi ako konke okwenziwayo kwayo.
Umthetho wegesi; kanye iii NomThetho Wamapayipilayini Kaphalafini Wamalambu.
e Bangazisondezi noma bahoxe ekuvoteni noma ekuxoxeni noma yiyiphi indaba emile ngaphambi Kwenkambiso Yamandla abanozwela oluqondile nolungaqondile kuyo; kanye f nokwenza ngendlela edingekayo nokulindelwe kubaphathi bezikhundla zehhovisi lomphakathi.
t ngokubhala; kanye g nangokuchaza kucace ngokweseka ngezomthetho kanye namaphuzu kanye nezizathu zaloko.
Noma yimuphi umuntu othelelwa kabuhlungwana yizinqumo zenkambiso Yamandla angaletha lezi zinqumo ukuba zibukezwe eNkantolo ePhakeme.
b Sokuqasha abasebenzi noma angene kukontileka nanoma yimuphi umuntu ukusiza Inkambiso Yamandla ekwenzeni imisebenzi yayo; kanye b ukuphatha kokuhola ngaphezu kwabasebenzi abaqashwe ngaphansi kwesigaba esingaphansi kwe-2 b.
I-Ofisa Lesigungu Elikhulu kanye namanye amalungu kumele bakhokhelwe iholo, nesibonelelo, ukuxhaswa kanye nezinye izinzuzo ezizobekwa Yinkambiso Yamandla ngokuvunywa nguNgqongqoshe kanye noNgqongqoshe Wezimali.
Ngokungaphikisani nesigaba esingaphansi kwe-1 kanye ne-2 b, uNgqongqoshe angathola ukuthi Inkambiso Yamandla imise noma isebenzise abantu abaqashiwe noma abakukontileka kwezinye iziphathimandla ezinelayisense noma ezihambisa ngomthetho eziwela ngaphansi kwamandla esikhundla kaNgqongqoshe.
Isigaba-9 sisho noma yiliphi ilungu labasebenzi leNkambiso Yamandla, elinezinguquko ezidingwa yingqikithi.
c inkokhelo yokuqeda izingxabano kanye nezinsizakalo ezinikezwayo; kanye d nezinkokhelo zamalayisense.
b izimali eziqokelwe ngaphansi kwesigaba 5B somThetho Kagesi; kanye c amalevi afakelwa wumthetho noma ngaphansi komthetho owehlukile.
Inkambiso Yamandla kumele yenze imisebenzi yayo ngokulandela umthetho Wokuphatha Izimali Womphakathi, ka-1999 UmThetho weNo.- 1 ka-1999.
Inkambiso Yamandla kumele ivule I-akhawundi noma amaningi ngegama layo esikhungwini sezimali esaziwayo bese sifaka kuyo yonke imali etholakele kumithombo ecatshwangwe kusigaba-12.
Amarekhodi ezezimali Enkambiso Yamandla kumele ahlolwe abalwe Ngumbali Zimali Jikelele.
Unyaka wezimali Wenkambiso Yamandla uqala ngomhlaka-1 Apreli womunye unyaka uphelele ngomhlaka-31 kuMashi wonyaka olandelayo.
Umbiko wonyaka wobunye bomphakathi odingekayo ngokulandela umthetho Wokuphatha Izimali Zomphakathi, ka-1999 Umthetho weNo.
e isimo ngokuphathelene nempilo nokuphepha ezimbonini; kanye f nezinye izindaba ezinje Inkambiso Yamandla ezibona zidingeka.
Imithetho ephathekayo kuSheduli iyachithwa noma iguqulwe ngendlela okuboniswe ngayo kukholomu yesithathu yeSheduli.
Lo mThetho ubizwa umThetho Wenkambiso Yamandla, ka-2003, futhi uqala ukusebenza ngosuku oluzobekwa nguMongameli ngokuthi awazise ngaphakathi kwe-Gazethi.
Izigaba- 2, 2A, 5, 5A, 5C, kanye 5D zichithiwe.
inkambiso" isho Inkambiso Yamandla emiswe yisigaba sesi-3 somThetho Wenkambiso Yamandla".
Inkambiso Yegesi" isho Inkambiso Yamandla njengoba imiswe yisigaba sesi-3 somThetho Wenkambiso Yamandla".
ukwabela" ukusho ukwabela kokunikezwa kwegesi okuningi kanye nokuthuthwa kwayo ngamapayipilayini ngamandla okuwusebenzisa jikelele angaphezu kwegeji yamabha ama-2 nangaphansi kwamageji amabha ayi-15 noma ngamapayipilayini anokusebenza kwamandla omfutho njengoba kuzawuvunywa yiNkambiso Yamandla ngezici ezibekwe ngumthetho kumaphuzu okusetsheniswa kokugcina noma izinhlelo zokuqoqa noma zombili izimpawu zokusetshenziswa kokugcina kanye futhi nakuzinhlelo zokuqoqa kanye nanoma yimuphi omunye umsebenzi ayisehlakalo sayo, kanye nokuthi izinhlelo zokuqoqa, kanye nanoma yimuphi umsebenzi ohambisana nako, futhi "ukwabela" kanye "nokwabelana" zinezincazelo ezihambisanayo".
Inkambiso Yegesi" isho Inkambiso Yamandla njengoba imiswe yisigaba- 3 somthetho Wenkambiso Yamandla".
Izigaba -3, 5, 6, 7, 8, 9, 10, 11, 12, 13, kanye 14 zichithiwe.
Isiphathimandla" sisho Inkambiso Yamandla njengoba imiswe yisigaba- 3 somthetho Wenkambiso Yamandla".
Wamalambu" isho ukuthi Inkambiso Yamandla njengoba imiswe yisigaba -3 somThetho Wenkambiso Yamandla".
Imboni kagesi ihambisa ngomthetho ngumThetho Kagesi. Imboni yogesi wamapayipi ibekwe ukuba ihanjiswe ngomthetho wumThetho Wegesi uma ususetshenziswa. Inkambiso Yegesi njengoba ichazwe ngumThetho Wegesi nayo inikezwe amandla okuphatha Izivumelwano zikaHulumeni/Ne-Sasol ngokuphathelene nokuthola igesi evela e-Mozambique. Imboni yepayipilayini kaphalafini wamalambu ubekelwe ukuhanjiswa ngomthetho wumThetho Wamapayipilayini Kaphalafini Wamalambu emva kokuba usuthulwe ngumongameli futhi ususetshenziswa.
Ngesikhathi sika-Apreli ka-2002, iKhabhinethi yathatha isinqumo sokuthi ngezizathu zokuba mqoka inkambiso kagesi, igesi yamapayipi kanye namapayipilayini kaphalafini wamalambu kumele zifakwe ngaphansi kwenkambiso yamandla eyodwa.
Isikhathi Senkambiso Kagesi ekhona siphela ekupheleni kukaMeyi ka-2004. Ipayipilayini yokuhambisa igesi yase-Mozambique ilungiselwe ukuba iqedwe ngo-Februwari- 2004 futhi Isivumelwano SikaHulumeni/ ne-Sasol (isigaba- 36 somThetho Wegesi) sidingwa ukuphathwa "yinkambiso yegesi". Ngenxa yokungabi khona kwesikhathi, ukuze kufezwe izinqumo zeKhabhinethi ezidinga inkambiso eyodwa, Lo mthethosivivinywa wakha ibandla elilodwa lokuhambisa ngomthetho ugesi, igesi yamapayipi kanye nezimboni zamapayipilayini kaphalafini wamalambu.
Lo mThethosivivinywa umisa inkambiso yamandla eyodwa kagesi, igesi yamapayipi kanye nezimboni zamapayipilayini kaphalafini wamalambu, futhi ichitha zonke izigaba zomThetho kagesi, umThetho Wegesi kanye nomThetho Wamapayipilayini Kaphalafini Wamalambu ezihambisana nokumiswa kwezinkambiso/iziphathimandla ezihambisanayo. Lo mThethosivivinywa uguqula umThetho kagesi umThetho Wegesi kanye nomThetho Wamapayipilayini Kaphalafini Wamalambu ukuphinde uchaze izinkambiso/iziphathimandla ezihambisanayo ukuthi zisho Inkambiso Yamandla emiswe yilo mThetho. Ezinye izigaba zomThetho kagesi, umThetho Wegesi kanye nomThetho Wamapayipilayini Kaphalafini Wamalambu zizohlala zinjalo zingaguquliwe.
Esikhathini esifanele, kulindelele ukuthi Inkambiso Yamandla njengoba ichazwe kulo mthetho izowuthatha imisebenzi yokuhambisa ngomthetho izimboni zemikhiqizo kaphalafini wamalambu. Ngaleso sikhathi kulindeleke ukuthi umthetho omusha uzawubhalwa ukuhlanganisa ugesi, ugesi yamapayipi kanye namapayipilayini kaphalafini wamalambu nezimboni zemikhiqizo kaphalafini wamalambu ngaphansi kwenkambiso yamandla eyodwa, nokuthi umthetho ophathelene nalemisebenzi yokuhambisa ngomthetho izawuchithwa yonke ngokuphelele.
Amabhajethi emisebenzi kagesi, negesi kanye namapayipilayini kaphalafini wamalambu iye yanikezwa emThethweni Kagesi nsemThethweni Wegesi kanye nasemThethweni Wamapayipilayini Kaphalafini Wamalambu futhi ngokufanelekile Emithethweni/ Emthethweni sivivinywa ehamba nayo.
UmThethosivivinywa Wenkambiso Yamandla uwumphumela wesinqumo seKhabhinethi sokuhlanganisa imisebenzi yokuhambisa ngemfanelougesi, igesi kanye namapayipi kaphalafini wamalambu ukuthi ihlale ebandleni elilodwa. ImiThetho eye yaguqulwa iye ngayinye ngayinye yabo nenqubo yokuxhumana ehlangene. UmThethosivivinywa Wenkambiso Yamandla uhlanganisa nje izingxenye zemithetho ephathelene nokumiswa kwebandla lokuhambisa ngomthetho - ezinye izigaba zezingxenye zalo mthetho aziguquki zihlala zinjalo. Ngaloko, ngemfanelo Inkambiso Yamandla isike yangena kunqubo yokuxhumana lapho ingxenye ngayinye ezimele yomthetho iye yakhiqizwa ukuba kubekwe imibono ngayo. Ngalezo zizathu ukukhiqizelwa ukuthi umphakathi ubeke imibono kanye nokuxhumana okwengeziwe kuthathwa njengokungadingeki.
NjengomThetho Kagesi, umThetho Wegesi kanye nomThetho Wamapayipilayini Kaphalafini Wamalambu ngombono womnyango, lo mthethosivivinywa ungumthethosivivinywa wesigaba-75, okusho ukuthi umthethosivivinywa ojwayelekile ongatheleli izifundazwe.
